Discover millions of ebooks, audiobooks, and so much more with a free trial

Only $11.99/month after trial. Cancel anytime.

Zinqamukile Izibopho
Zinqamukile Izibopho
Zinqamukile Izibopho
Ebook121 pages42 minutes

Zinqamukile Izibopho

Rating: 0 out of 5 stars

()

Read preview

About this ebook

It is a drama which is about the transition from the old to the new dispensation.The book is set in two types of schools 1. (A Private Independent School and 2. A White "Public" School respectively.Black children were not allowed to learn together with white children whether in a private or "public" White school. After the black students riots of 1976, whit private schools began to admit black students in their schools. In the late eighties white public schools also began to admit black students into the public high schools which were referred to as Model Cs. Gradually Primary schools began to admit black learners as well. From 1994 all schools, private or public,were now required by Law to admit students of different races and all Model C Schools were scrapped.The Title of the book ZINQAMUKILE IZIBOPHO means the chains that bound people of all colours in general but Black students in particular were broken, everyone Black and White,Coloured and Indian were freed.

LanguageEnglish
Release dateJul 27, 2017
ISBN9781370285099
Zinqamukile Izibopho

Related to Zinqamukile Izibopho

Related ebooks

History For You

View More

Related articles

Reviews for Zinqamukile Izibopho

Rating: 0 out of 5 stars
0 ratings

0 ratings0 reviews

What did you think?

Tap to rate

Review must be at least 10 words

    Book preview

    Zinqamukile Izibopho - Joseph Vilakazi

    ZINQAMUKILE IZIBOPHO

    JOSEPH JERRY MAYIBHUTI VILAKAZI

    (1989)

    Copyright © 2017 Joseph Jerry Mayibhuti Vilakazi

    Published by Joseph Jerry Mayibhuti Vilakazi Publishing at Smashwords

    All rights reserved. No part of this book may be reproduced or transmitted in any form or by any means, electronic or mechanical, including photocopying, recording or any information storage or retrieval system without permission from the copyright holder.

    The Author has made every effort to trace and acknowledge sources/resources/individuals. In the event that any images/information have been incorrectly attributed or credited, the Author will be pleased to rectify these omissions at the earliest opportunity

    ISINGENISO SOMDLALO

    Lo mdlalo ngawubhala ngokubona kunesidingo. Kwase kubonakala ukuthi ikhona eyayisigoba uphondo phakathi kukahulumeni wabamhlophe nezinhlangano zomzabalazo. Imithetho eyayicindezela abantu abamnyama, yabe isiqala ukuxegiswa. Izingane ezimnyama noma zazivunyelwa ukufunda ezikoleni ezizimele (private schools) kodwa kwakushaywe umthetho ephalamende labamhlophe ukuthi izingane azifunde ngokwehlukana; ezimhlophe, ezamandiya, ezimnyama kanye nezamakhaladi zifundiswe ezikoleni zazo. Ukuxegiswa kwemithetho yencindezelo kwadala ukuthi lezi zikole zikahulumeni ezazihlukanise abafundi ngenxa yebala lesikhumba zazo zaqala ukuvulelwa zonke izinhlanga. Kunga leso sizathu ngabhala lo mdlalo ozoveza lapho kwasukwa khona nalapho sekufikwe khona.

    Abazali bezingane ezifunda ezikoleni ezise malokishini bazikhipha kulezi zikole zikahulumeni zabamhlophe ezaqalwa ngokubizwa ngama model C. Kwathi ngokufuduka kwezingane zifudukela kulezi zikole kwadaleka amatekisi nezinye izinhlobo zezithuthi ezazithuthela labantwana kulezi zikole.

    Zaqala ngokubiza lezi zikole kodwa abazali bazo bazibopha ngebhande bancama ukulamba ngoba babefuna izingane zabo zithole imfundo esezingeni eliphezulu.Nathi bakwaVilakazi singabanye abalandela lowo mgudu.

    Mhlawumbe ezinye zalezi zingane ziyolikhuphula izinga lemfundo ezikoleni ezise malokishini nezise makhaya uma seziyiphothulile imfundo yazo.

    JOSEPH JERRY MAYIBHUTI VILAKAZI

    Leli bhuku lo mdlalo ngilethula ku Nomusa Lindile Viola Vilakazi indodakazi yami eyedlula emhlabeni.Wafunda imanuscript yaleli bhuku isenhlakanhlaka wawuncoma kakhulu umyalezo owethulwa yilo mdlalo.

    Ngibonga uNkosiyapha Ntuli uthisha wami wolimi lwesiZulu eNyunivesi yase Vista- esiyaziwa nge Nyunivesi yase Johannesburg manje, ongisizile ngokungilungisela amaphutha nokungigqugquzela ukuthi ngiqhubeke ngiwuqede lo mdlalo.

    UHLA LABALINGISWA

    ISINGENISO SOMDLALO

    INKUNDLA YOKUQALA

    ISIGCAWU SOKUQALA

    INKUNDLA YESIBILI

    ISIGCWAWU SOKUQALA

    ISIGCAWU SESIBILI

    INKUNDLA YESITHATHU

    ISIGCAWU SESIBILI

    INKUNDLA YESINE

    ISIGCAWU SOKUQALA

    ISIGCAWU SESIBILI

    ISIGCAWU SESITHATHU

    ISIGCAWU SESINE

    ISIGCAWU SESIBILI

    ISIGCAWU SESITHATHU

    ISIGCAWU SESITHUPHA

    ISIGCAWU SESIKHOMBISA

    INKUNDLA YESIHLANU

    ISGCAWU SOKUQALA

    ISIGCAWU SESIBILI

    ISIGCAWU SESINE

    ISIGCAWU SESIHLANU

    INKUNDLA YOKUQALA

    ISIGCAWU SOKUQALA

    Kusekhaya KwaShongwe. UShongwe lona wakhe elokishini lase Pimville eGoli.UShongwe wafunda wagcina ebangeni lesikhombisa kanti umkakhe umaNkosi wagcina ebangeni lesine. uShongwe wazalelwa kwelinye lamalokishi amadala aseGoli elalaziwa ngokuthi yiSophiatown. Uneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili ubudala. Uzalwa intombi yakwa Ngwenya eyafika eGoli ivela eDundee izofuna umsebenzi. Yathi ingazinza eGoli yabuyela ekhaya yase igana insizwa yakwaShongwe. Kwathi uma isibuyela eGoli yakhuphuka nomyeni wayo bafike bakha kwasekuba ikhaya njalo. UmaNkosi yena wazalelwa elokishini lase Alexandra. Wakhulela kwagogo waze waba yitshitshi, kwathi ukushona kukagogo nomkhulu wase eyakohlala nabazali bakhe elokishini lase Dube, eSoweto. Yathi ingachithwa iSophiatown abakwaShongwe base bethuthela eOrlando kodwa abahlalanga isikhathi esingakanani eOrlando base beyohlala eZondi 1 nakhona abahlalanga isikhathi eside ngoba bagcina befudukela eMofolo North lapho bazinza khona. Bangabantu abagcina amasiko esiZulu nokho noma bakhulela eGoli futhi bengamaSwazi. Amasiko esiZulu abawagcini ngokuphelele. Kwazise phela ukuthi okwenza baze bawazi nalawo masiko ambalwa ukuthi inkonzo abakhonza kuyo yinkonzo eyadabuka eThekwini esifundazweni sakwaZulu-Natali. Le nkonzo ikhonza umvelinqangi ngendlela yesintu, uma beya enkonzweni baxuba izevatho zomdabu nezabelungu, kodwa uma behlangene ngamasonto amakhulu bayaphelela kwezomdabu ngoba basuke bezogida umgidi oyingcwele. Banezingane ezimbili, eyomfana igama layo nguMagqubu uneminyaka eyishumi nanye kanti eyentombazane ineminyaka eyisishiyagalolunye, igama layo nguNtombenhle. UNtombenhle uyakhanya ngebala usho ngamehlokazi akhe afuze akanina. Unehwanqa elikhephuzelayo, uyabonakala nje ukuthi uma esekhulile uyoba enhle intombi le. UMagqubu usefunda ibanga lesine kanti uNtombenhle ufunda elesibili. Kwathi bangaphumelela ekuhlolweni kokuphela konyaka

    Enjoying the preview?
    Page 1 of 1